Useshintshe impilo yakhe kanye nabanye  ngokupenda izindlu nokubiya imizi  owase Folweni

Ongeziwe Ntondini

ULoyiso Lindokuhle Mthembu wase Folweni ungowesilisa osamncane okuyena kuphela umfana kubo namantombazane awu-4 wafunda esikoleni iMasuku Primary  kanye nase Sobonakhona High school  ngemuva kokuthi washonelwa umama wakhe ngonyaka ka-2002 okwakuyena obehlala naye emulekelela kwibhizinisi lakhe lokhu dayisa umbila endaweni yase Siphingo.

Uthe ngemuva kokubuka isimo sakubo esasingesihle namathuba omsebenzi eyivela kancane engathandi ukuhlupha izihlobo wagcina esejula emicabangweni ngokuthi aqale ibhizinisi lakhe noma wayengazi  ukuthi uzoqala kanjani wagcina esesebenza kanye nomzala wakhe kwi nkampani yakhe bagcina ngokuxabana wagcina eziqalela eyakhe inkampani ebizwa ngokuthi yi Mnisi Renovation and Fence Installations.

 “Ngabuka ukuthi ukubiya kukodwa akwanele ngaqala ngabona ukuthi angifake nano kuwashela abantu amaroof ngibuye ngiwa pende ngaleso sikhathi ngangisaqashe abantu abathathu abangi sebenzelayo, manje ngiyabuya ngiwasha amaroof ngiwapende  futhi ngiphinde ngenz’ipainting interior and exterior nabasebenzi sebandile bawu-9 manje inhloso ukuthi ulwazi enginalo kungabi olwami ngedwa ibhizinisi lami lichaza ukuvuseleleka kwami lokhu kusho izinto eziningi kimi ngoba ilona elingiphilisayo lingikhiphe  ngaphandle komgwaqo bengiwumuntu odukile kakhulu kodwa linginika umkhombandlela empilweni yami langikhombisa ukuthi nginesiphiwo futhi kuningi ngezandla zami”kusho uLoyiso.

Uwumuntu osaqale ukusebenzisana kunye nezinkampani ezincane ezifana nenkampani ye Dlovoku project lapho  waye buyisela khona iclinic “ isifiso sami ukuthi ngisebenzisane nezibhedlela  kanye nezindawo zika hulumeni, inhloso yami  ukuthi ngiqashe  intsha ingasweli futhi igcine isiphume nasezidakamizweni” echaza

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *