SHEILA MHLONGO
I-SPAR South Africa isungule umkhankaso kazwelonke oqale ngo-28 Meyi (uSuku Lomhlaba Lwezempilo Yezinyezelo) wokwenza imikhiqizo yokuhlanza ngesikhathi sokuya esikhathini (periods) itholakale kalula futhi ibe sezingeni eliphansi lentengo. Le nkampani ithi abesifazane nezintombi bangayithola imikhiqizo efana namaphedi ngaphezulu kancane kuka-R6 ngenyanga ezitolo ze-SPAR.
Lokhu kwenziwa ngenxa yokuthi cishe abesifazane abayi-7 million baseNingizimu Afrika bahlushwa yinkinga yokungakwazi ukuthenga imikhiqizo yokuba sesikhathini, okudala ukuthi amantombazane aphuthe esikoleni, kube nomthelela omubi esikhathini eside ezifundweni nasemathubeni emisebenzi.
U-Mpudi Maubane, iPhini le-SPAR kwezokuxhumana, uthe baqonde ukufeza umgomo wokuqenda lenkinga uma kushaya unyaka ka-2030, kube nomphakathi ohlonipha isithunzi sabo bonke abesifazane. Ubuye waveza ukuthi cishe u-30% wamantombazane aphutha izinsuku ezingu-50 zesikole ngonyaka ngenxa yokungakwazi ukuthenga amaphedi futhi ezikoleni eziningi kusenokuntuleka kwamanzi, izindlu zangasese, nensipho.
I-SPAR ifuna ukuqeda ihlazo elihambisana nokuya esikhathini ngokuxhasa izinkulumo ezivulekile ngalolu daba emphakathini, ikakhulukazi ezikoleni nasezindaweni zokusebenza. Ukuze uthole olunye ulwazi noma unikele, vakashela: 👉 https://sparendperiodpoverty.co.za.

