Injabulo uMasipala weTheku evula ihholo lomphakathi eVerulam ku Wadi 61
Izakhamizi zaseMhlasini, eVerulam kuWadi 60 zijabulele ukuvulwa kwehholo lomphakathi ngoLwesine ,lomhla ka-7 Mashi 2024.
Izakhamizi zaseMhlasini, eVerulam kuWadi 60 zijabulele ukuvulwa kwehholo lomphakathi ngoLwesine ,lomhla ka-7 Mashi 2024.
Ngenxa yokuphazamiseka kokuqoqwa kukadoti okudalwe yisiteleka sabasebenzi esingekho emthethweni, uMasipala weTheku kuye kwadingeka ukuthi uze uvule izindawo zesikhashana zokulahla imfucuza ezibizwa ngama-landfill sites, ukuze umphakathi ukwazi ukulahla imfucuza kule ndawo mahhala.
Uma ungumuntu onephupho lokuthi ngelinye ilanga uyeke ukubhema ugwayi kodwa wehluleka ngenxa yokujwayela, ungabe usakhathazeka ngoba manje inkampani ebizwa nge IQOS ILUMA South Afrika isiqhamuke negajethi ongakwazi ukuyisebenzisa uma uzwa ukuthi uqalekile ubheme ngayo.
Ogogo nomkhulu abahlala ekhaya labadala, iZamazulu Old Age Home KwaMashu, bajabulele ithuba lokuzivocavoca njengengxenye yokugubha usuku lokufundisa ngokunakekela impilo, iHealthy Lifestyle Awareness Day.
Ukuzibophezela kukaMasipala weTheku ekulethweni kwezidingo kubantu kulokhu kuqhubeke njalo njengoba uPhiko lwe Area Based Management South Durban Basin ngokubambisana namathimba eminyango ehlukene eMkhandlwini abehambele endaweni ese Winchelsea Avenue eBluff, ngenhloso yokuhlola izitolo ukuthi abanikazi bazo ingabe bayayigcina yini imithetho ebekiwe.
Abenhlangano iKeep It Moving Arts ne Radio 4000 basingathe umkhankaso wokuqwashisa nge HIV nezifo zocansi okuhlanganisa nesifo sofuba (TB) ngoLwesihlanu lomhlaka 16 Febhuwari 2024.Kanti bekunandisa iNext Level Youth Generation, Inyathi-Maskandi kanye nabe Ikasi Lifestyle Entertainment.
Asezodlondlobala kakhulu amabhizini abahwebi abawu-47 abadayisa inyama yenhloko, ngemuva kokuvulwa ngokusemthethweni kwesikhungo esisanda kwakhiwa esibizwa ngeNhloko Meat Sellers esizinze eSiteshini Sesitimela KwaMashu.
Inhlangano iSouth African National Civic Organisation (SANCO) igcine imxoshile lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma, esikhundleni sakhe sokuba uSihlalo wayo KwaZulu-Natali. Lesitatimende sikhishwe iSANCO ngoLwesihlanu lomhlaka 16 Febhuwari 2024.
Umsakazo iRadio Khwezi yelule isandla kubafundi abangu-54 ngemifaniswano yesikole. Lokhu
umsakazo ukwenze ngokubambisana nenhlangano yabalaleli bomsakazo eyaziwa ngo Masibumbane.
Osanda kuqokelwa kwesobuNdunakulu kaZulu uMntwana uThulasizwe Buthelezi, wethule ngokusemthethweni umhlahlandlela