THOBILE MBATHA
IKwaZulu-Natali isemkhankasweni wokulwa ne-GBV nokusabalala kwe-HIV, uNgqongqoshe wezokuthuthukiswa komphakathi, uNksz. Lindiwe Zulu uthe, amadoda angompetha boshitsho ekunqandeni ukubhebhetheka kwegciwane lengculazi nokubhekana nodlame lokubulawa kwabesifazane (GBVF) emphakathini.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithe,“Omunye wemisebenzi ebalulekile ekuvimbeleni udlame olubhekiswe ngokobulili. Nginxenxa amadoda kuyoyonke imiphakathi eziFundeni ezingu-52 noMasipala basemadolobheni amakhulu ezweni lethu.” Esho
UNgqongqoshe ekhuluma emcimbini wePhalamende likazwelonke labesilisa, uncome ukubamba iqhaza kwamadoda akhombise ukuzibophezela kwawo ekulweni nodlame.uthe bonke abantu besilisa bangaba neqhaza ekuqedeni ukucwaswa okuphathelene nempilo yengqondo ngokweseka amadoda ukuthi athole usizo lwezengqondo.
“Kubalulekile ngempela ukuthi sikwenze lokho ngoba ngokujwayelekile amadoda awavamile ukufuna usizo lapho ebhekene nezinselelo zomndeni, zempilo, zomphakathi nezomnotho. Kubaluleke kakhulu ukuthi sihlangane ukuze silungise le-ajenda yabesilisa futhi sicabange ngesimo samadoda aseNingizimu Afrika.Sezadlula izikhathi lapho amadoda ayebonwa njengabondlayo noma abaqondisa izigwegwe emindeni. Amadoda anendima ebalulekile okufanele ayidlale, ikakhulukazi maqondana nokunakekela izingane zabo ngendlela efanele kanye nokuzijabulisa kwabantu.” Eqhuba.
Uthe abantu besilisa abagqugquzela izinguquko bayasiza ekulweni nezingqinamba eziningi zenhlalo yabantu njenge-HIV, ukusetshenziswa kwezidakamizwa nokukhulelwa kwezingane lokhu kukhungatheka okuphenduka izinkulumo ezinodlame kudinga ezinye izindlela kanye nolimi lokukhuluma. Siyazi ukuthi amadoda amaningi awabahlukumezi ophathina babo nezingane.
Lawa ngamadoda alwela ukuveza inhlonipho nesithunzi, iPhalamende likazwelonke labesilisa liyingxenye yohlelo lokubhekana nezinselelo eziqondene nomkhakha womsebenzi kazwelonke kanye nendima okufanele idlalwe ngamadoda ekulweni nodlame olusekelwe kubulili.


