Usuku lwamazwe ngamazwe lwabantu abakhubazekile lolusuku olugujwa minyaka yonke lumayelana nokuqhakambisa amalungelo nenhlalakahle yabantu abakhubazekile kuwo wonke amazinga omphakathi nentuthuko, kanye nokuqwashisa ngezimo abantu abakhubazekile abahlangabezana nazo. IKZN Namuhla inika ithuba abantu abakhubazekile ngokwehlukahlukene ukuthi ingabe bazizwa kanjani?

