THOBILE MBATHA
ITourism KZN ilindele ukungenisa isamba sika -R4.1 billion wonke kanti iTheku libheke kakhulu uhlelo lokuletha izidingo kubantu kulesisikhathi samaholidi kakhisimuzi.
Ngokusho kwesitatimende sithe, Inhlangano kazwelonke yabahwebi embonini yezokuvakasha Kwa-Zulu-Natali ithe ukuqhakaza kwalesi sikhathi samaholidi kuncike kuphela ekulethweni kwezidingo kubantu, iTourism KwaZulu-Natal (TKZN) iveze ukuthi imali okulindelwe ilethwe abavakashi nakwamanye amazwe ilinganiselwa ku-R4.1 billion.
USihlalo weFedhasa Federated Hospitality Association of South Africa uMnu. Brett Tungay uthe kuzogxilwa kakhulu ekulethweni kwezidingo ezifanele ezindaweni ezihamba phambili zezivakashi eKZN uphinde wathi kulesizini lomkhakha ubhekane nezinselelo ezimbalwa ezengezekile ebezingekho ngonyaka owedlule.
“Kuzojabulisa kakhulu ukuthi lokho kuzodlala indima enkulu kanjalo nasezinkingeni ezibhekene namabhishi, imigwaqo, amanzi kanye nokuthuthwa kwendle” esho.


