UMagret Mfayela(35) ohlala eThekwini, eMlazi kodwa oseSouth Eastern Europe ezweni laseTurkey ngokomsebenzi ungene endimeni yezomculo weOpera efunda uGrade-8 eMenzi High School ezinze eMlazi kodwa akagcinanga lapho uphinde wenza zona izifundo zomculo emabangeni aphakeme ezemfundo.
“Ngiphothule izifundo zami zeBachelor of Art in Music ngonyaka ka-2020 ngaqeda ezeHonors ngonyaka odlule eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngaqashwa khona enyuvesi njenge Lecturer eqeqesha abafundi kuwona umculo, sengike ngaqokwa njengomxhumanisi we-UKZN Opera School kanye ne-Ipigogo Entertainment Production lapho bekwenziwa khona umdlalo weshashalazi. Angigcini lapho kodwa ngiphinde ngithathe isikhathi ngifundise izingame mahhala, sengike ngasebenza Adam College neKZNPO” kuchaza uMagret.
UMagret useke wanandisa kwiNdoni Academic Awards ngo-16 Desemba 2021 kanti useke wathola lethuba eliyingqayizivele lokuthi ayocula phesheya kwezilwandle eWales, eLondon njengoba eseseTurkey manje nokuyilapho ezochitha wonke unyaka ka-2023 khona.
Ephetha inkulumo yakhe nephephandaba uthe uyafisa ukuthi mayebuya eTurkey athole uxhaso oluzokwazi ukumelekelela akwazi ukuhlanganisa umcimbi lapho ayobe ebonga bonke abantu abamesekile kuloluhambo lwakhe lomculo.
Uma ufisa ukuzwa umculo kaMfayela angakwazi ukubona ngokuvakashela izinkundla zokuxhumana Instagram: Dorh Mfayela/ Facebook: Dorh Mfayela-Soprano/ Tik tok @Dorh Mfayela/ YouTube Dorh Mfayela okanye ushayele kulenombolo: 0746358240 etholakalayo naku what’sApp.

