Kube impumelelo ukuvulwa kwendlu yabaholi bendabuko

THOBILE MBATHA

Kube impumelelo ukuvulwa kwendlu yabaHoli bendabuko kanye naMakhosi e-Old Legislature Building esiFundazweni saKwaZulu-Natali endaweni yaso-Olundi Mhla ziwu-07 Mashi 2023.

Lokhu kuvulwa kube umzuzu obalulekile ekhalendeni laminyaka yonke lesiFundazwe njengoba ibihanjelwe uNdunankulu waKwaZulu Natali uNkk. Nomusa Dube-Ncube kanye noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA) uNksz. Bongi Sithole-Moloi.

“Kubalulekile kakhulu ukuvulwa kweNdlu yobuHoli boMdabu lapho kubhungwa khona izindaba ezimqoka zabaHoli uma silapha sikhuluma ukuthi iziphi izinto ezisa phambili abantu bakithi ikakhulukazi imiphakathi yasemakhaya eyakhele amakhosi nezinduna.” Kusho uNdunankulu.

ISilo sikhulumile saphinde sanikeza umkhombandlela ngezindaba ezibalulekile ezithinta amaKhosi nemiphakathi ayiholayo. iNkosi uShinga ubonge ithuba lokuvulwa kwendlu yomdabu abazohlanganela kuyo njengaMakhosi.