I-Operation Khuculula izobhekana ngqo noGesi oxhunywe ngokungemthetho

SAMUKELISIWE MBONAMBI

Uphiko lukagesi lweDolobha laseThekwini  luzobhekana nokuxhunywa kukagesi okungekho emthethweni amamitha acushiwe kanye nokucekelwa phansi kwengqalasizinda ngohlelo lwe-Operation Khuculula. Igatsha loPhiko Lokuvikelwa Kwemali Engenayo linqume ukushintsha indlela elisebenza ngayo ngokuthi lisungule uhlelo olusha lokusebenza, i-Operation Khuculula.

Ibamba leMenenja yeRevenue Protection, uThulebona Memela, uthe nakuba amathimba ashanela eDolobheni esebenza ngempumelelo kodwa awakayinqobi impi yokulwa nalobu bugebengu. “Sinqume ukuthi nge-Operation Khuculula sihlanganise amathimba azo zonke iziFunda bese senza imisebenzi emikhulu endaweni eyodwa ngesikhathi, sikhipha amakhebuli axhunywe ngokungemthetho futhi sinqamule amamitha acushiwe. Ukwebiwa kukagesi kungenye yezinkinga ezinkulu iDolobha elibhekene nazo” kusho uMemela.

Nakuba ukwebiwa kukagesi kusabalele iDolobha lonke, kunezindawo ezihamba phambili i-Operation Khuculula ezogxila kuzona, lapha kubalwa iNazareth, Clermont, Mayville, Kwadabeka, Tshelimnyama, Dassenhoek, Mpumalanga Township, KwaMashu, Carletonville, Clare Estate, Verulam, oThongathi, La Mercy, Reddy Cliff, Phoenix, Ntuzuma, Emachobeni, Inanda, Kenville, Durban North, Amanzintoti, Queensburgh, Seaview, naseMaoti. UMemela uthe lomsebenzi abazowuqala njengamanje uhlose ukuhambisana nemithetho kaMasipala yokuhlinzeka iDolobha ngogesi lapho kunomthetho othi akukho muntu okufanele aphazamise izinto zokuhambisa ugesi zoMkhandlu.