Inhlangano i-SASCO-KZN ilimele ngokudlula emhlabeni kuka Xolani Ngema

Inhlangano i-South African Students Congress (SASCO) ilimele ngokudlula emhlabeni kowesilisa uMnu. Xolani Strike Ngema odutshulwe ngaphandle kwesango laseMangosuthu University of Technology ophikweni oluseMlazi.

Ngokusho kwesitatimende esikhishwe iSASCO KZN sithe, kuyethusile imibiko evele ezinkundleni zokuxhuma ezimayelana nokudlula emhlabeni kukaCde Xolani Ngema okubikwe ukuthi udutshulwe washona ngesikhathi kuma imoto engaziwa yavulela ngenhlamvu ibhekise kuNgema maqede babaleka endaweni yesigameko.

INhlangano isakhungathekile ngalesi sigameko esibi esilahlekise impilo yomguquli kanye nesosha ebelizinikele ngempela kuleNhlangano uNgema ubeyi Branch Convener of the South African Student Congress, badlulise amazwi enduduzo emndenini wakhe, abangani bebemthatha njengommeli wabafundi uyisize kakhulu inhlangano i-SASCO.

UXolani wazalwa mhlaka 3 Disemba 1991 wasishiya emhlabeni mhlaka 7 Mashi kanti ufihlwe ngesizotha kubo eMantshane ngesonto mhlaka-12 Mashi, Lala sosha ubasizile abafundi abaningi.