THOBILE MBATHA
INyuvesi yaseNingizimu Afrika (Unisa) iyakuthokozela ukumemezela ukuthi ithwese iziqu zeseAutumn kanti imigubho iqale ziwu-22 kuMashi ePitoli.
Ngokusho kwesitatimende esikhishwe eUnisa sithe, uSolwazi Puleng LenkaBula uqale ukuthweswa iziqu lomgubho ubanjelwe e-Muckleneuck Campus ePitoli
Lo mzuliswano womcimbi wokuthweswa kweziqu uhlelelwe ukuthi uqale mhla ziwu-22 Mashi kuze kuyoshaya umhlaka-8 Juni kuwo lonyaka futhi
izoba sezifundeni eziyi-7: Pretoria, Durban, Cape Town, East London, Mbombela, Polokwane
kanye neBloemfontein. Kunemicimbi engu-87 ehleliwe, ezoba nabafundi
ababalelwa ku-35 000 abazotheswa iziqu kanti i-Unisa izobe igubha iminyaka engu-150 yabakhona.
UShansela Wenyuvesi YaseNingizimu Afrika, Umhlonishwa UMongameli wangaphambilini uThabo Mbeki
uhlelelwe ukuthi aphathe emicimbini yokuthwesa iziqu
eMbombela 15 Ephreli @ 18:00) kanye naseThekwini (08 Juni 2023 @ 18:00).
“Ukuthweswa kweziqu kuwuphawu nomqopho wezindlela ezilandelwa abafundi empilweni yonke ukuhlakanipha nolwazi ngeziqu ezinhlobonhlobo abazenzayo e-UNISA.
ukuphothulwa kwezifundo okuqhutshwa yikhwalithi.” kusho uProf Puleng LenkaBula, uThishanhloko wase-Unisa kanye neSekela likaShansela.

