SAMUKELISIWE MBONAMBI
“Akuvumelekile ukuqashisa ngezindlu zakolindela”. Lona kube wumyalezo oqinile kaSotswebhu woMkhandlu weTheku uKhansela uSne Sishange ngesikhathi ekhuluma nabahlali baseMbhayi Transit Camp, esoThongathi, kuwadi 61 muva nje.
IKhansela uSishange lithe kuyabakhathaza ukuzwa ukuthi kunabantu abafuna imali yokuqasha kulabo abahlala kolindela uthe olindela yizindlu zesikhashana zikaMasipala, ngakho-ke akukho okumele akhokhiswe imali yokuqasha njengoba abahlala lapha basuke beyiswe wuMasipala kule ndawo yesikhashana.
Uthe ukuze kunqandwe lo mkhuba wokungethembeki, kumele kuhlolwe ukuthi ngobani abahlala kolindela baseMbhayi.
“Kumele sibathole labo abakhokhisa abantu imali yokuqasha ukuze babhekane nengalo yomthetho.
Akwamukelekile ukuhlukumeza abantu abasosizini ngale ndlela. Abantu abahlala lapha bavele basezimweni ezingezinhle, kodwa baphinde baxhashazwe ngabantu abangenanembeza. Ngeke sikuvumele ukuthi kuqhubeke lokhu,” kusho yena.
Uqinisekise abahlali bakolindela ukuthi uMasipala uzibophezele ekuletheni izidingo kubantu futhi uzobhekana nezikhalo zabo. Ubekhuluma nomphakathi emhlanganweni.
“Silapha ukuzolalela izikhalo zenu siphinde sininike izimpendulo ngenikuphakamisile. Sinabasebenzi boMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu, uGesi, ezaManzi neminye iminyango abazoninikeza izikhathi zokuthi izinselelo zizoxazululwa nini.”
Uthe bazobuya kule ndawo ezinyangeni ezintathu kuya kwezine ukuyohlola ukuthi izinkinga eziphakanyisiwe sezilungisiwe yini.

