SAMUKELISIWE MBONAMBI
Izazi ze-FIFA’s Talent Development (TDS) zivakashele ikomkhulu le-SAFA eGoli ngesonto eledlule ukuze njengoba liqhubeka uhlelo lokuthuthukisa iNingizimu Africa. “Sisebenze kakhulu ohlelweni lwamasu kuleli sonto saphinde sabheka ukuthi iSafa ingayithola kanjani imali ephuma kuFIFA emzuliswaneni olandelayo. Siphinde senza izincomo kuSafa ukuthi indlela engcono yokuthi izwe lithuthuke ebholeni lomhlaba wukuthi zonke izinhlaka zisebenzisane,” kusho ungoti we-Fifa High Performance u-Abdul-Faisal Chibsah.
Umphathi wokuqeqesha we-FIFA TDS u-Brais Acebal uphinde wakhuluma ngokubaluleka kokuqonda indlela yokuhlonza ithalente kubadlali abasebancane. U-Acebal ukusho lokhu ngaphambi komqhudelwano weSafa/TDS U-15 Interprovincial ozokuba ngoJulayi 2023. “Kubalulekile ukuqonda ukuthi ukuhlonza ithalente entsheni kunezindlela eziningi njengoba abanye abadlali bakhombisa ukuvuthwa kakhulu kunabanye besebancane. Kunezikhathi lapho amandla omdlali eyiphuzu lakhe lokuthengisa. Kwesinye isikhathi kuba yijubane labadlali, ubuhlakani noma ulwazi lokufunda umdlalo,” kusho u-Acebal. “Abadlali bebhola banemiqondo eminingi eyahlukene okuthi uma isihlanganisiwe ikulethele lokho okwaziwa ngebhola eliphelele. Ngakho-ke kubalulekile ukuthi abaqeqeshi baqonde abadlali babo, baqonde ikhono lomdlali, amandla kanye nobuthakathaka bakhe bese bebona kusengaphambili ukuthi umdlali angaba yini uma

