Abantu baphume ngobuningi bagcwalisa indawo yobumnandi kwa CC ebizwa ngeGalaxy Exclusive ukuzozibonela bukhoma imfashini yekhethelo eyenzelwe abesilisa kanye nabesifazane futhi esezingeni eliphakeme ezithungwa uSiyabonga “Banger” Khumalo wenkampani yakhe ebizwa nge Banger Nations. UBanger akagcini nje ngokuthunga ukotini kuphela kodwa uphinde adlise ngephimbo lakhe eliwunqambothi naselisebenzise waze wangena kumncintiswano wama Idols wafika esigabeni esingaphambili eGoli.
Kuphinde kwanandisa oDj abahlukene kanye nabaculi bendawo njengo Ruh, Kopisi obeyilunga leqembu Amaphelenjane eselahlukana phakathi nabanye.
Bebephume ngobuningi ukuzozibonela imfashini ka Banger Khumalo

