THOBILE MBATHA
UMnu. Mqapheli Ndlovu wasendaweni yase Mkhambathini eNamba 9 ubonge kakhulu uMkhandlu weTheku ngokuwina kwakhe kowe Gospel Icon Discovery (GID) 2022. Kanti ibungaza iminyaka eyishumi yasungulwa loluhlelo oseluzakhele udumo ngokufukula amathalethe kanye nokufeza amaphupho entsheni yaseThekwini.
Iphephandaba lomphakathi IKZN Namuhla belizifikele mathupha kulomcimbi obubanjelwe eStable Theatre eThekwini mhlaka 02 June ngolwesihlanu Ntambama ngo 5. Kuvele ukuthi ngonyaka odlule uMqapheli nguye owathatha isicoco sokuba yisihlabani saseThekwini sika 2022 seGospel.
Ngesikhathi uMnu. Mqapheli edlulisa ukubonga kwakhe kuMasipala weTheku ngokumeseka kusuka ekuqaleni kuze kubemanje uthe,” Ngibonga uMkhandlu weTheku kanye namakhansela nazo zonke iziphathimandla ngoba ukuqala kwami ukucula ngangifuna ukududuzeka ngenxa yokukhula kanzima abazali bami bahlaselwa babulawa ngimncane ngakhuliswa u-anti ngabona ukuthi ukuphila ngingakuthola lapha emculweni wokholo.” Echaza.
Ephetha uthe ukhiphe i-album yakhe yokuqala ayenze ngokubambisana nomculi wokholo ovelele nohlonishwayo ezweni lonke uMnu. Thina Zungu.
Ubonge uMkhandlu weTheku owine koweGospel Icon Discovery (GID) 2022

