Ake siqwashisane ngokuhlonipha amalungelo abantu bonke kuyiNyanga Yamadoda

UJulayi uthathwa njengenyanga yokubungaza amadoda nakuba iphinde ibe inyanga
yokuhlonipha umuntu obalulekile emlandweni uMnu Nelson Mandela ongasekho owaba
uMengameli wokuqala wentando yeningi eNingizimu Afrika.
Nokho ke okwamanje engifisa ukukugcizelela indaba enkulu yokuhlonipha amalungelo
abantu ngokuhlukana kobulili babo phecelezi abesifazane nabesilisa.
ENingizimu Afrika indaba yokuqwashisa umphakathi mayelana nokuhlonipha amalungelo
abantu besifazane nezingane kuvamile ukuthi kube yikhona okubonakala kusemqoka
kakhulu. Lokhu okudalwa isimo esingesiphike sezinga eliphezulu lokushaywa, kulinyazwe,
kudlwengulwe kuphinde kubulawe abantu besifazane nezingane.
Yebo abantu besifazane nezingane isikhathi esiningi abanawo amandla okuzivikela kanye
nokuzilamulela, kanti futhi, abantu besilisa bathathwa njengabavikeli kanye nabondli
besifazane nazo izingane. Ngakho uma bebahlukumeza kuyezwela kakhulu impela.
Kuyiqiniso futhi ukuthi uma uthanda umuntu kuba nzima kakhulu uma esekuhlukumenza
ngoba phela ithemba lakho lonke lisuke likuyena njengomondli kanye nomvikeli wakho.
Kodwa ke kulenyanga siyiphephandaba iKZN Namuhla sifisa ukuqwashisa umphakathi
mayelana nokubaluleka kokuhlonipha abantu besilisa njengoba bedlala indima enkulu
ezimpilweni zabesifazane nezingane.
Abantu besilisa nabo bayaludinga uthando kanye nokutuswa uma benza kahle, futhi
akufanele ukuthi abesifazane babacunule noma babachukuluze njengoba siyaye sibone,
uthole ukuthi umuntu wesifazane uhlukumeza indoda ngoba azi kamhlophe ukuthi izonqena
ukuyomceba kwabomthetho ngenxa yokuthi yesaba ukuhlekwa.
Sengiphetha asikhumbule futhi ukuthi abantu besilisa bayikho konke ezimpilweni zethu
abanye amadodana ethu, abafowethu, izithandwa zethu kanye nabayeni bethu. Ngaphandle
kwabo isizwe asiphelelanga futhi angeke siphumelele ngoba siyabadinga njengoba sidinga
nabo abesifazane.