SHEILA MHLONGO
USihlalo weSouth African Local Government Association (SALGA) ukhansela uThami Ntuli usenxuse oMasipala bakwaZulu-Natali ukuthi baphuthumise imizamo yokuvikela amakhasela asuke esengcupheni yokusocongwa. Lokhu kuza ngemuva kokuthi ngoLwesihlanu lomhlaka 25 Agasti kudutshulwe kwabulawa obeyikhansela laku wards 41 uMabhungu Mkhize obemele iqembu leANC.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi ukhansela uMkhize ubeseke wathola izinsongo zokumsoconga ngaphambi kokuthi agcine ebulewe
“ISALGA izimisele ukubambisana nabomthetho emizamweni yabo yokuphenya mayelana nesenzo salobugebengu, sinxusa noNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke uBheki Cele ukuthi enze konke okusemandleni akhe ukuthi ajube abaphenyi abasezingeni eliphezulu ukuthi babophe ababulali,aphinde aqinise ukuvikelwa nokuphepha kwamakhansela kanye nomphakathi”. Kusho uSihlalo weSALGA.
Isitatimende siqhuba sithi izenzo zodlame olubhekiswe kumakhansela seziphenduke zaba insakavukela kulezinsuku njengoba emavikini amabili edlule kube nemizamo yokusoconga ikhasela lakuMasipala waKwaNongoma uMphathiseni Manqele we NFP,lokhu okwenzeke emva kokubulawa kwelinye futhi ikhansela le NFP khona KwaNongoma.
ISALGA KZN inxusa amalunga omphakathi ukuthi ahlangane abambisane nabomthetho ukwenza isiqiniseko sokuthi abenzi bobubi babhekane nengalo yomthetho.Ngoba lokhu ikona kuphela okuyoqeda yonke lenkinga yobugebengu.

