IMeya yeTheku ihalalisele abakwaRainbow Chicken begubha iminyaka engu-60

ESITHOMBENI:IMeya yeTheku uKaunda ibihambisana noNgqongqoshe wezoHwebo kanye neziMboni uMnu Ebrahim Patel kanye noNgqongqoshe wezoMhlaba kanye nokuThuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uNkk Thoko Didiza bekanye nezikhulu zakwaRainbow Chickeni

SHEILA MHLONGO

Abakwa Rainbow Chicken bahalaliselwe iMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda ngesikhathi bebungaza iminyaka engu 60 yasungulwa inkampani. Kanti ezinye izindaba ezimnandi kube ukubungazwa ukuvulwa kabusha enye yama factory esendaweni yase Hammarsdale.

IMeya yeTheku uKaunda ibihambisana noNgqongqoshe wezoHwebo kanye neziMboni uMnu Ebrahim Patel kanye noNgqongqoshe wezoMhlaba kanye nokuThuthukiswa Kwezindawo Zasemakhaya uNkk Thoko Didiza.Lomcimbi wokuvula ubungomhlaka 28 Agasti 2023.

Ukuvulwa kwalefactory kabusha kuzoba nomthelela omuhle kubantu baseHammarsdale namaphethelo kanti kuzophinde kulethe ithemba kubasebenzi ababalelwa ku 1,350 abadilizwa ngonyaka ka 2017.

“Sadumala kakhulu ngesikhthi iRainbow Chicken idiliza abasebenzi abangu 1,350 ngonyaka ka 2017, impela kwaba isikhathi esinzima kubasebenzi kodwa manje siyabonga uma sekuzophinde kuvele amathuba okuthi baphinde baqashwe kabusha”. Kusho uKaunda.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *