UMasipala weTheku uphezu kokuphuma umkhankaso wokugasela amabhizinisi akulelidolobha angaqhubi ngokusemthethweni, lokhu kuhlaluke ngesikhathi iMeya yoMkhandlu ukhansela Mxolisi Kaunda ehambisana nePhini lakhe ukhansela Zandile Myeni,uKhansela Sibusiso Mpanza, amaPhoyisa oMkhandlu kanye noMnyango wezeMpilo woMkhandlu begasela kwesinye sezitolo ebusuku bangoLwesine olwedule
Ngokodaba olucashunwe ekhasini lika Facebook loMkhandlu, luthi uMeya nethimba lakhe bagasele esitolo esiku Alexandra Street eduze namatekisi aseMgababa,lapho bethole khona wesitolo edayisa ukudla okubolile endaweni engcolile kanye nokungabi nawo amaphepha emvume yokuqhuba ibhizinisi.
Kube sekuvalwa isitolo kwaphinda kwaboshwa umnikazi waso. Kuwo lomkhankaso oqhubukeyo, kwavundulula nenqwaba yabantu abangenayo imvume yokuhlala kuleli.


