NKOSIE NTOMBELA
UMnu. Linda Mbonambi oyiNhloko oPhikweni lweArea Based Management (ABM) ngaphansi kukaMasipala weTheku ukhuthaze amaCiko abefike ngobuningi bawo ukuzobungaza iminyaka engu-25 kwasungulwa iphephandaba kuphinde kuhlonishwe lawo aphumelele emncintiswaneni weKZN Namuhla Artists Awards 2023.
Ethula inkulumo yakhe yokuvula umcimbi uMnu Linda Mbonanbi uthe benguMasipala weTheku banohlelo lapho bekhulisa khona amaCiko asafufusa baphinde bakhuthaze ukusabalaliswa kwezindaba kusetshenziswa iTechnology, okungakho naye amukele isimemo sokuzokweseka iphephandaba iKZN Namuhla ngomsebenzi omuhle eliwenzayo wokuthuthukisa liphinde lihloniphe amaCiko.
UMbonambi uphinde wathembisa ukuthi ngokuzayo benguMasipala weTheku nabo bayobambisana neKZN Namuhla uma sekufika isikhathi sokuhlela umcimbi wangonyaka ozayo ngoba nabo umsebenzi wamaCiko bawuthatha njengento ebalulekile nefanele ukwesekwa.

