INTATHELI YE-KZN NAMUHLA
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo uMnu Sboniso Duma uhalilisele iphephandaba iKZN Namuhla Community Newspaper liqeda iminyaka engu 25 lasungulwa.Umyalezo kaDuma wethulwe obemele umnyango wakhe uNksz.Pupuma oyi Deputy Director General.Umcimbi ububanjelwe eBat Centre eThekwini ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba 2023.
Ethula inkulumo uNksz. Pupuma ewumyalezo obuvela kuNgqongqoshe uDuma, uncome kakhulu iphephandaba kanye noMhleli walo uNksz. Sheila Mhlongo, ngomsebenzi walo omuhle wokuphakamisa liphinde lihloniphe amaCiko asafufusa ngenxa yeqhaza lawo endimeni yezikaqedisizungu.
Uqhuba umyalezo kaNgqongqoshe uDuma, uthe indima yezikaqed’isizungu ifaka kakhulu isandla kwiDGP, lokhu okuyindlela yokuphakamisa isimo somnotho ezweni lonke, ngakho ube esencoma amaCiko ngeqhaza alibambile ekubeni osomabhizinisi abenza umehluko kuyo indima yobuCiko.
UDuma ube esephinda encoma umcimbi weKZN Namuhla Annual Artists Awards ngeqhaza lawo lokukhuthaza amaCiko avela nakwezinye izifundazwe ukuthi avakashele iKwaZulu-Natali ngoba lokhu kungenye yezindlela zokuthuthukisa umnotho wedolobha laseThekwini.


