NKOSIE NTOMBELA
IKwaZulu-Natali idle umhlanganiso emidlalweni yama Indigenous Games yehlula ezinye izifundazwe ezibalelwa kweziyisishagalombili (8) oqale ngomhlaka 25 Septhemba yaze yaphethwa ngoMgqibelo womhlaka 30 Septhemba 2023, lapho kade ibanjelwe khona eHoy Park eThekwini.
Imidlalo yama Indegenous Games uhlobo lwemidlalo ehlanganisa umlabalaba,ingqathu,I chess Kanye nomagalobha. iKwa Zulu Natal iwanqoba wonke amaqembu ebibhekene nawo kulomqhudelwano UNgqongqoshe wezemidlalo Kwa Zulu Natal Dktl. Ntuthuko Mahlaba naye ubekhona kanti ubonakale ebungaza ukunqoba kweqembu liqukula indebe Kanye nabadlali abebemele iKwa Zulu Natali engoshampeni

