UMasipala wase Mandeni usingathe umcimbi wokwethulwa ngokusemthethweni kwencwadi yombhali ongowokuzalwa kulendawo uMnu. Bonisani Mahlinza ongowokuzalwa endaweni yase Sithebe.
Ukwethulwa kwale Ncwadi kungezinye zezinto ezabekwa eqhulwini ilo Masipala ngesikhathi usingathe isigcawu sababhali lapho kwakucobelelwana khona ngolwazi lokubhala, ukushicilela kanye noku maketha izincwadi obubanjwe ngenyanga edlule.
Enkulumweni ka Meya, uKhansela Thabani Mdlalose, uveze ukubaluleka kokuthi uma kade kuhlangenwe bese kuba khona izithelo ukuze kuzobonakala ukuthi umsebenzi uyaqhubeka noma sekusongwe izigcawu zokucobelela ngolwazi.
“Siyaziqhenya kakhulu siwu Masipala ngomsebenzi ka Mnu. Mahlinza, wenza sibone ukuthi konke esikwenzayo kunomvuzo ekugcineni, ngiyathemba nalabo abanomsebenzi ofuze lona kodwa abebengenaso isqiniseko sokuthi bengenzani ngawo bazosondela kuthina sifake isandla lapho singafaka khona ukuze nabo bakwazi ukukhiphela umsebenzi wabo ezweni” kubeka uMdlalose ngaphambi kokwengeza ngokuthi uMasipala wase Mandeni uvule izandla kunoma ngabe iluphi uhlobo lobuciko kulabo abafisa ukuveza amakhono abo.
“Kuzokhumbuleka ukuthi ngenyanga ka June sibe nesigcawu nabalingisi, sasingatha nemiqhudelwano yezemidlalo nokunye okuningi, siyafisa ukuthi abantu bakithi abanamakhono beze ngaphambili sibone singabafukula kanjani”
UMnu. Mahlinza, uveze ukuthi lencwadi yakhe ihlobe ngezinkulumo ezakhayo nezingalekelela kunoma isiphi isimo sempilo abantu abangabhekana naso.
“Lencwadi ngihlose ngayo ukubuyisa ithemba kubantu bakithi, nokuveza nje izindlela eziningi ezingalekelela ngokomqondo kanye nokunikeza ithemba”
Lomsebenzi uyatholakala ekhasini lika Facebook lombhali, Boni Mahlinza ngo R100.

