Noma ngabe ipasi (ID) lakho lilahlekile, noma lebiwe. Nazi izinto odinga ukuthi ube nazo uma uzifakela isicelo usebenzisa Internet noma (online) nakhu okudingayo ukuze ungalibaziswa imigqa emide yakwaHome Affairs.
Nakuba ibhukwana lepasi (Green ID Book) lingakaphelelwa isikhathi kodwa angeke wazi ukuthi kuyokwenzeka nini okungakho kumele uqale uzifakele isicelo sepasi eliyikhadi elaziwa nge Smart ID.
ISAKHAMIZI SASENINGIZIMU AFRIKA
Okokuqala udinga ukuthi ube neminyaka engu 16 yobudala futhi ube yisakhamizi salapha eNingizimu Afrika. Uyodinga futhi ukuthi uveze ipasi lakho eliluhlaza uma unalo noma izincwadi zokushayela.
Uma ungowokufika kuleli
Uma wazalwa ezweni elingaphandle kuleli, uyodinga ukuthi uveze incwadi yokuvakasha (Passport) njengobufakazi.
- Ipasi lakho eliluhlaza
- Isitifiketi sokuzalwa kulabo abaqalayo ukufaka isicelo se ID.
- Icwadi yokuvakasha (Passport) kulabo abasaphatha ipasi lakudala lase old Transkei, Bophutatswana, Venda, noma Ciskei
- Incwadi ewubufakazi yelungelo lokuba umzali noma umbheki womntwana
Isitifiketi esiyisiqinisekiso sokubA umzali
- Udinga ipasi lomzali
- Isitifiketi somzali uma esashona noma sebashona
- Isiqinisekiso sekheli okungaba isitatimende sikamasipala
- Isitifiketi sokuhlala kuleli kulabo abazalwe emazweni angaphandle.
- Isiqiniseko sobufakazi obufungelwe basemaphoyiseni (Affidavit) uma ulahlekelwe ipasi.
indlela yokufaka isicelo
- Noma ubani oneminyaka engu 16 ofaka isicelo sepasi okokuqala akakhokhi, kumahhala
- Kubiza uR140 ukufaka isicelo sepasi uma uneminyaka engaphezu kuka 16 uma kungukuthi ulahlekelwe noma ubunaleli elidala udinga elisha.
- Vakashela uMnyango wezaseKhaya (Department of Home Affairs) kwi Website yakhona.
- Cindezela ku -Click Apply Online for Your Smart ID or Passport.
- Cindezela- Go to Registration.
- Gcwalisa imininingwane yakho :Igama, Inombolo ye-ID noma eye , okanye, birth certificate number, date of birth, email address, kanye ne cell phone number.
- Okulandelayo –Cindezela u Next.
- Uzoqala ufake yonke imininingwane ebhalwe ngenhla (Upload). Bese wenze inkokhelo ngeEFT. Noma uye ebhange lakho uma ungenayo iDigital Banking ukuze ufike ukhokhe khona.
- Emva kokuthi sekwamukelwe isiqinisekiso senkokhelo yakho , Cindezela igatsha le Home Affairs eseduze nawe ukuze uyothatha izithupha uphinde uthathwe isithombe sepasi lakho. Ulwazi lucashunwe kwi-TheSAnews

