UPhiko lwe SIU luphenya abafundi abahlomule esikhwameni seNSFAS kungafanele

SHEILA MHLONGO

UPhiko lweSpecial Investigating Unit (SIU) luphenya izinkulungwane zabafundi abahlomule esikhwameni seNSFAS kungafanele kusukela ngonyaka ka 2018.Lokhu ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi zibalelwa ku 76izitshudeni ezibandakanyeka kulokhu.

Lowo ohola ithimba labaPhenyi kuyona iSpecial Investigating Unit, uLeonard Lekgetho, utshele amalunga ekomidi leStanding Committee on Public Accounts (SCOPA) ePhalamende ukuthi zibalelwa ku 40,000 izitshudeni ezathola umhlomulo esikhwameni seNSFAS kungafanele.

Isitatimende siqhuba sithi loluPhiko lwe SIU lupheya abesikhwama seNSFAS mayelana necala lokungahambisi kahle umsebenzi kanye nokuphathwa budedengu kwezimali zesikhwama kusukela ngonyaka ka2018 kuze kube u 2023. Lapha kubalwa nokukhokhela izikhungo zemfundo ephakeme  imali engaphezu kokufanele. Iphinde iphenye mayelana nenkontileka eyasayindwa iNSFAS ngebhilidi lokusebenzela ngemali engu R30 million ngonyaka isikhathi esiyiminyaka  eyishumi ekubeni lalikhona elinye elabe lingadinga ukukhokhelwa imali engu hhafu walena. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *