Kwethulwe Abaqokwe kowe SAMA 29 Record of the year  kanye ne Music Video of the year.

MINENHLE MHLONGO

Uhlelo lwalo nyaka lwama SAMA luthembisa ukuthi kuzoba umgubho othokozisayo wokuphumelela emculweni wesizwe uma izinhla ezihlonishwayo zabaqokiwe ezigabeni zonyaka zingaba khona.

U-Wanitwa Mos no Mater KG bahamba phambili ohlwini  labaqokelwe I video yo nyaka ,ngokuthi bathole amathuba amathathu okungena emncintiswaneni .Dali nguwe ebambisene  noNkosazane Daughter, Basetsana kanye no Obeey Amor, Kanye no Sofa silahlane ebambisene no Lowseen no Nkosazana Daughter lawa ngamanye wama threkhi ababambisene kuwo baphinde babambisane nasekuhlomuleni izindondo zawo lama threki

 Zombili lezingoma qokelwe njenge video yonyaka

UDaliwonga usezingeni elilinganayo no Wanitwa Mos no Master KG ohambisana nezabo okuqokwa  kwamagama amathathu omculo onyaka ahlaba umxhwele .Waziwa ngezingoma ezishisa izikhotha Abo Mvelo ehlanganisa u Mellow & Sleazy  kanye no M-J, kanye neminikelo yakhe ukubala nje ezimbalwa.Kwezinye izingoma ezimbili  Banyan aka DJ Maphorisa no Tyler ICE,kanye  nethi Dipatje tsa U-Felo.u-Le kanye no-mvztro

U-DJ Maphorisa , owaqokwa eqoqweni le Music video nerekhodi lo nyaka nyakenye, usephinde wathola amanodi amabili omculo wevideo,Kulokhu uhlanganyele no Kabza De Small  kumsebenzi wabo omangalisayo osihloko sithi  Banyana kanye no Young Stunna  kwingoma ethi Adiwelele.

Onyakeni lapho amaPiano eqhubeka khona nokudlondlobala emculweni waseNingizimu Afrika , amathrek iafan ne Sete  ka KO, Young Stunna no Blackie  kanye nethi Stimela  eculwa ngu 2point1,  okuhlanganisa no-Ntabi Stunna odabuka eLesotho bamile futhi bayakuqinisekisa ukuthi lama threkhi aqhudelana ngevideo  yomculo wonyaka futhi asembangweni we ndondo ye rekhodi yonyaka ,ngaphandle kokubusa kwama Piano I Joyous Celebration nayo izitholele ingqayizivele yesikhundla ngecwecwe layo elithi Ndenzele Uncedo.

Inoti le somber lishaywa ngokuqoka ngemumva kokudlula emhlabeni kuka Costa Titch ngokuzuma  esishiya nengoma ethi Big Flexa abambisene nabaculi abahlukene kuyo ,U-C’buda M, U-Afla –u Banaba Des u-Sdina kanye no Man T nayona eqokelwe  music video wonyaka .Ingqwele U-Aka uqokwe ku rekhodi yonyaka ngecwecwe lakhe elithi Lemon and Lemonade ehlangenyele no Nasty C. Ngaphezulu izingwazi zeqembu I Big Nuz emva kokulahlekelwa ilunga lalo uMampintsha  lona lihlabane nge nodi engomeni yalo ethi ngeke bebambisene no DJ Yamza , kuwo womabilili amakhathegori bathole eye rekhodi kanye nevidiyo yomculo wonyaka.

Ama-SAMA asaqhubeka nokubungaza umculo waseNingizumu Afrika  ngokuhlanga kwawo imboni iyaqhubeka ukuqaphela ubuciko nethalente labaculi abavela ezinhlotsheni ezahlukena zomculo.Ivideo yomculo yonyaka kanye nezigaba zerekhodi lonyaka linikeza abaculi inkundla yabaculi ukuthola ukuhlonishwa nokuqgama okubafanele ngamagalelo abo kwabavelele base Ningizimu.

Njengoba isasasa likhula kuma SAMA29,umcimbi wezindondo uhlelwe umhlaka 18 November 2023

Zibeke ethubeni lokuhlomula umkomelo olinganiselwa ku R100 000 ngokuvotela ividiyo yomculo oyithandayo yonyaka okanye irekhodi lonyaka.Ukuze uvote  thumela I SMS Category code  MYT yevidiyo yomculo noma I RYT  yerekhodi lonyaka alandelwa yi ARTIST  Code ku 33441 .SMS Ibiza u R1.50  kuwowonke ama nethwekhi omakhalekhukhwini futhi ama SMS mahhala awasebenzi kuzoqhudelwana kusukela ngolwesihlanu 3 November  2023

Isikhuku esiphezulu  sakwa RiSA UNhlanhla Sibisi, sithi iSAMA29  isilungele ukubangaza umgubho wezingoma ezihamba  ezihamba phambili .Umculo waseNingizimu  Afriak ‘Sihalalilsela abaqokwe kwi rekhodi  yonyaka   kanye nemikomelo yevidiyo yonyaka yomculo.Sinxusa umphakathi ukuthi uzwakalisa izimvo zawo nezwi lawo ukuvotela izintandokazi  zabo kuleyo mikhakha .kuwumugqa wokuncintisana  futhi kungenzeka kuwine ongcono kakhulu “ kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *