SHEILA MHLONGO
Sesifikile leso sikhathi sokuvulwa kokufakwa kwezicelo zoxhasomali lwe National Student Financial Aid Scheme (NSFAS), okuzokwenzeka kusukela kumhlaka 21 Novemba 2023. Loluxhasomali luhlelelwe abafundi abaqhuba izifundo zabo emanyuvesi kanye nakumaTVET Colleges onyakeni ka 2024.
Esitatimendeni esikhishwe abakwa NSFAS sithi ukuvulwa kwezicelo kuyoqala ngomhlaka 21 Novemba 2023 kuze kube umhlaka 31 Januwari 2024.Abafundi bayanxuswa ukuthi baqikekele ukubhalisela izicelo zabo kusenesikhathi.
Abafundi bayaqinisekiswa ukuthi abadingi ukuthi baze babe nemiphumela kuqala ngaphambi kokufaka izicelo zabo. Kanti iNSFAS iphezu kwezingxoxo noMnyango wezeMfundo yamaBanga Aphansi ukwenza ngcono uhlelo lokucubungula izicelo kanye nemininingwane yabazali ukuze kuthathwe izinqumo kusenesikhathi.
Isitatimende siqhuba sithi abafundi bayanxuswa ukuthi bafake imininingwane eyiqiniso ikakhulukazi emayelana nabazali babo uma sekufanele uMnyango wezaseKhaya uqinisekise ubuhlobo phakathi komfundi nomzali, ngoba yikona okuvame ukuthi kudale izinkinga uma ngabe umfundi eshintsha imininingwane yabazali ngenxa yokuthi efuna ukuthola umfundaze.
Abafundi bayokwazi ukuthi balandele isimo sezicelo zabo besebenzisa inombolo kawhatsapp ku: 078 519 8006 noma USSD ku *120*67327#- SAnews.gov.za

