SHEILA MHLONGO
UMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni kanye neziNgqalasizinda , usukhiphe isitatimende esexwayisa abantu bakuleli ikakhulukazi labo abafuna amathuba emisebenzi kanye nosomabhizinisi abancane mayelana nezinswelaboya eziphume umkhankaso wokugebenga abantu njengoba kuza isikhathi samaholidi okuphela konyaka.
Abantu banxuswa ukuthi bangalokothi babe budedengu ngezimali zabo bavume ukudukiswa izinswelaboya.
Siqhuba isitatimende sithi, abantu bayaziswa ukuthi ayikho imisebenzi noma amathenda akhishwe uMnyango Wezemisebenzi kaHulumeni kanye neziNgqalasizinda ngaphandle kwalena etholakala kwi Sekhula kanye Website yawo uMnyango esemthethweni -website – www.publicworks.gov.za – noma amaphephandaba amakhulu, (national newspapers)
Abantu abaqaphele umehluko wokuthi iwebsite yomnyango igcina ngo “gov.za” hhayi egcina ngo “org” njengoba lena esanda kukhishwa kwisikhangiso samaqola.Kanti futhi abantu abaqaphele amaqola ahlale efuna inkokhelo ngemisebenzi kahulumeni etholakala mahhala.
“Sizani niqaphele ukuthi uhulumeni akasoze afuna inkokhelo ngemisebenzi yakhe, amathenda kanye nezikhala zemisebenzi, uma kukhona ofuna imali lokho kumele kube inkomba yokuthi niyaqolwa”. Kusho isitatimende.
Isitatimende siphetha ngokuthi abantu abafuna amathuba omsebenzi kumele njalo babhekisise ukuthi sikhona yini isikhangiso kwi website esemthethweni yomnyango noma emahhovisi uqobo, bafone basebenzise ucingo kulenombolo: 012 406 1439- noma kwiEmail: Lesole.Matsotso@dpw.gov.za. – SAnews.gov.za

