OwezokuThuthukiswa koMphakathi unxusa abantu ukuthi bavikele izingane
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Lindiwe Zulu, usenxuse ukuthi bonke abantu kumele babambisane nohulumeni ekuvikelweni kwezingane.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi kuleli uNksz Lindiwe Zulu, usenxuse ukuthi bonke abantu kumele babambisane nohulumeni ekuvikelweni kwezingane.
Owabe enguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo, KwaZulu-Natali, uMnu Mike Mabuyakhulu usengokhululekile emva kokuthi inkantolo eyaziwa nge Durban Commercial Crimes Court imthole emsulwa ngamacala abebekwe wona okukhwabanisa,inkohlakalo kanye nawokushintshanisa ngemali ngokungekho emthethweni.
Abezingadi zemiphakathi (Community Food Gardens) bathole ithuba lokudayisa izitshalo zabo kwaShoprite ngosuku lwe Checkers Market Day ngomhlaka 7 Juni 2023
Ukushiywa ngabantu akusho ukuthi zilahle nawe, ukujikelwa ngabantu akusho ukuthi phonsa ithawula ngempilo yakho uzikhohlwe udabukise ulinde elokufa
Siyazi ukuthi kuningi okungahambi kahle lapha eNingizimu Afrika. Siyazi futhi sekuphele iminyaka engu -29 lelizwe libuswa ngaphansi kwentando yeningi, futhi siyazi nokuthi uhulumeni osiphethe ungaphansi kweqembu le African National Congress (ANC) yonke leminyaka.
Inhlangano iCulture, Arts, Tourism Hospitality and Sport Sector (CATHSSETA) yenze umcimbi wokubonga bonke abafundi ababayingxenye yethimba elalipheka ezweni lase Qatar ngesikhathi kuyindebe yomhlaba yebhola ngonyaka owedlule.
Abezingadi zemiphakathi (Community Food Gardens) bazothola ithuba lokudayisa izitshalo
zabo kwaShoprite ngosuku lwe Checkers Market Day oluzoba ngomhlaka 7 Juni 2023. Lapha
kuzobe kudayiswa izitshalo eziphuma ezingadini zabalima ezindaweni zasemphakathini
abahlala kuyo.
Umculi osemusha uThabo Mbili ohlala esigodini saseDanganya eMnini unxusa ukwesekwa kumculo wakhe asanda kuwukhipha.
Umculi ongowokuzalwa esigodini sase Mandawe Kwa Cele u Sanele “Geeman “ Ngcobo (35) ungene endimeni yezomculo ngo 2017 kanti useke wakhipha albhamu enengoma eshisa izikhotha ethi “stofu samalahle”.
Izinkunzi zomculo wesintu zenze okwake kwenziwa uPhuzekhemisi, Ihhashi elimhlophe no Mfazomnyama ongasekho ngesikhathi behlanganyela I Albhamu bakhipha amanoni ayefana nesixaxambiji bezibiza Izingqungqulu Zomhlaba eminyakeni eyedlule. UMgqumeni ongasekho naye bake bahlangana no Mfiliseni Magubane bazibiza ngeZinsimbi.