Sigcine sivuliwe isibhedlela iDr Pixlesy Ka Isaka Seme

Sigcine sivulwe ngokusemthethweni isibhedlela i Dr. Pixley Ka Isaka Seme Memorial Hospital (DPKISMH, esisenyakatho yeTheku KwaMashu, lesibhedlela saqala ukwakhiwa ngonyaka ka 2015 ngethemba lokuthi sasiyophothulwa ngonyaka ka2020 kodwa okungenzekanga ngenxa yokuhlasela kobhubhane lwe Covid-19.

Isibhedlela sivulwe uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natali uNomusa Dube-Ncube kanye neMeya yeTheku ukhansela Mxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu lomhlaka 24 Novemba 2023. Kanti nomndeni wakwaSeme ubukhona ukuzibonela kuvulwa isibhedlela esiqanjwe ngelunga lomndeni elingasekho.

Khona manjalo uMengameli uRamaphosa uphinde wembula isichushe sika Dr Pixley Ka Isaka Seme phambi kwezihambeli kanye nomndeni wakwaSeme.Ethula inkulumo yakhe uMengameli uthe lesibhedlela sakhiwa ngenxa yokukhula kwesibalo sabantu ababalelwa ku 1,5million abakhele indawo yakwaMashu, Inanda,Ntuzuma kanye nezindawo eziseduze ukuze kuphunguke umthamo othutheleka esibhedlela iMahatma Ghandi ePheinix.

“Ukuvulwa kwalesibhedlela kuyindlela uhulumeni abonisa ukuzibophezela kwakhe ngayo ukufeza umgomo we Freedom Charter oyalela ukuthi wonke umuntu athole ukwelashwa mahhala, kanye nokuthi kubekwe eqhulwini impilo yabantu besifazane nezingane”. Kusho uMengameli uRamaphosa.SANews.gov.za

Continue reading

Abaholi bamaqembu  ezepolitiki bahambele izindawo ezahlukene beqhuba umkhankaso wokubhalisela ukuvotela ukhetho luka 2024

Vuka, ugeze, ubangene! Lesi bekuyisiqubulo se seqembu leDA liholwa uMengameli walo uMnu Leader John Steenhuisen ehambisana nalowo ogaqele isikhundla sokuba uNdunankulu KwaZulu-Natali uMnu Chris Pappas, ekanye nabanye abaholi balenhlangano kanti bebegasele esifundazweni saKwaZulu-Natali. Bakhuthaze ukuthi abantu babhalise online ukuze bagweme imigqa emide.https://check.da.org.za
#PowerToTheRegistered

Continue reading

Abaholi bamaqembu  ezepolitiki bahambele izindawo ezahlukene beqhuba umkhankaso wokubhalisela ukuvotela ukhetho luka 2024

Ubuholi obuphezulu beqembu le-ANC buhlangene nobaKwaZulu-Natali buqhube umkhankaso wokukhuthaza abavoti ukuthi babhalisele ukuvotela ukhetho lwangonyaka ka 2024.  Esithombeni uMnu Gwede Mantashe onguSihlalo weANC kuzwelonke ekanye noSihlalo we ANC KwaZulu-Natali uMnu Sboniso Duma bekanye nabanye abaholi bahambele eMandeni.

Continue reading