UMkhandlu weTheku uhanjelwe inxusa laseGerman  kwi Go!Durban Academy eKwaMashu

UMkhandlu weTheku uhanjelwe inxusa lase German kwi Go!Durban Academy eKwaMashu, u Andreas Peschke ekanye thimba lakhe ubezohlola umsebenzi wamapaki njengoba, uhulumeni wase German watshala isamba sika R13.8 million ekwakhiweni kwamaPaki amabhayisekile aKwaMashu, KwaDabeka, Cornubia kanye nase Wentworth ngonyaka ka 2013.

Kulama Academy kucijwa intsha ngamakhono ahambisana nezomculo kanye namanye.Kanti zibalelwa ku 3, 355 izingane ezithole ukuhlomula kuloluhlelo.

Abalelwa ku 72 mathuba omsebenzi aye avuleka okuhlanganisa amathuba okusebenza ngokugcwele abalelwa ku 34. Kanti lama lamapaki amabhayisekile alethe ithemba ezinganeni ezihlala kulezindawo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *