Abe IEC sebeshicilele uhla lwezihlalo zeziShayamthemtho njengoba kubhekwe okhethweni luka 2024

ESITHOMBENI-IsiShayamthetho esingaphansi kwesifundazwe saKwaZulu-Natali esibekelwe izihlalo ezingu 80 zamaqembu ehlukene ngenxa yesibalo sabantu baso isifundazwe ababalelwa ku 12,4 million ngokwe Sensus 2022- Isithombe sithathwe kwi Website yesiShayamthetho.

SHEILA MHLONGO

Njengoba iNingizimu Afrika  ilungiselela ukhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe, abe- Independent Electoral Commission (IEC) sebekhiphe uhla lapho beshicilele khona izihlalo eziyothathwa amaqembu ezepolitiki  kwiziShayamthetho ezifundazweni. Loluhlu lukhishwe ngoLwesihlanu lomhlaka 16 Febhuwari 2024.

Kulolukhetho luka 2024 izihlalo zabiwa ngokomthetho wesigaba 105 (2) we Constitution Act 108 ka 1996 ngokwesigaba 3 (1) ka Schedule 3 we Electoral Act No 73 ka 1998.

NgokweIEC ithi, izihlalo zeziShayamthetho ezifundazweni zahlulwa ngokwezibalo zabantu ezifundazweni kanye namaqembu amele lezozifundazwe.

Ngokusho kwabe –IEC bathi, isibalo sezinamba zezihlalo amaqembu ezepolitiki azoncintisana ngazo ezifundazweni  zibalelwa  ku 445, kodwa okuyoqinisekiswa uma sekuphothulwe okwase Western Cape :

Uhlu lwezihlalo ezweni lonke ngokwezifundazwe luhamba kanjena:

ISIFUNDAZWE NGO 2022IZIBALO ZABANTU NGOKWE SENSUSIZIHLALO EZABIWE KU 2024
Gauteng15,1million80
Limpopo6,4million64
Mpumalanga5,1 million51
North-West3,8 million38
Free State3,0 million30
KwaZulu-Natali12,4 million80
Northern Cape1,4 million30
Eastern Cape7,2 million72
Western Cape7,4 millionAyikahlanganiswa

Ngokusho kwesitatimende sabe IEC sithi, uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa, kulindeleke ukuthi amemezele maduze usuku lokuvota.

SANews.org.za

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *