SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube uhambele amabandla ehlukene ngempelasonto yama Easter wanxusa ukuthi akhulekele isifundazwe kanye neNingizimu Afrika njengoba kuza ukhetho luka 2024.
UNdunankulu uDube-Ncube uye wahambela ebandleni le-United Congregational Church eNanda ngenkonzo yeGood Friday wabuye wahambela Uvukile Restoration Ministries Service Isiphingo, Willowcreek.
“Njengoba ukhetho lukazwelonke seluseMome ngomhlaka-29 May, sinxusa ibandla ukuthi likhulekele ukhetho olunokuthula noxolo.
Sinxusa ukuthi nikhulekele ukuphela kokubulawa kwabantu kulesi sifundazwe sethu esesiphenduke isizinda sezinkabi ezibulala abantu noma kanjani.
Isigameko esinyantisayo yilesi esisanda kwenzeka emahhovisi akuMasipala waseMhlathuze lapho kuthiwa omunye umqaphi wangena wadubula wabulala omunye – naye bambulala khona lapho.
Uma singaphephile emahhovisi esisebenzela kuwona, sizophepha kanjani uma sesihamba ngaphandle?
Siyabonga ukuthi leli bandla kalihambisani nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Sibonile niba nemibhikisho ekhombisa ukungahambisani kwenu nalesi sihlava sokuhlukunyezwa nokubulawa kwabantu besifazane.”Kusho uNdunankulu uDube ebandleni le-United Congregational Church eNanda.


