Kuthungathwa izintokazi ezifisa ukungenelaumncintiswano we Miss eThekwini CurvaciousBeauty Peageant

Uma uyintokazi eyondlekile nezethembayo nanti ithuba elivuliwe lokuthi nawe
ungenele umncintiswano ka Miss eThekwini Curvaceous Beauty Pageant, owethulwa
uMasipala weTheku ngenhloso yokunika abantu besifazane ithuba lokuthi nabo
babuyelwe ukuzethemba. Kulomncintiswano kumenywa abesifazane bezinhlanga
ezahlukene .
Bonke abesifazane abondlekile (izidudla) abazethembayo bezinhlanga ezehlukene
abaphuthelwa ithuba lenhlolokhono (Audition) yoMgqibelo womhlaka 6 Ephreli
obukade use Pine Crest ePinetown bangakwazi ukuya eMlazi Mega City ngoMgqibelo
womhlaka 13 Ephreli 2024.
Abesifazane abondlenikile bazothola ithuba eliyingqayizivele lokuzibonakalisa
njengoba behlale bebukeleka phansi emkhakheni wezemfashini. Lomncintiswano
ungenye yezindlela yokulwisana nomkhuba wokubandlululwa kanye nokucwaswa
kwanoma iluphi uhlobo.
Lomncintiswano uvuleleke ukuthi ungenelwe abesifazane abaneminyaka engu 16-35
. AmaAuditions ayoqala ekuseni ngehora lesikhombisa (7:00) kuze kube ihora
lesithathu ntambama (3:00). thola eminye imininingwane kwi Poster.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *