Amaqembu ezepolitiki asayinde isivumelwano sokuziphatha okhethweni luka 2024

SHEILA MHLONGO
Ekuqaleni kwenyanga kaEphreli amaqembu ezepolitiki kanye nalabo abazimele okhethweni
luka 2024 ezingeni likazwelonke kanye nasezifundazweni asayinde isivumelwano
sokuziphatha okuyi Electoral Commission Code of Conduct, okuhloswe ngayo ukuthi wonke
amaqembu azibophezele ukuthi ahloniphe imigomo emayelana nokuthi kube nokhetho
olukhululekile.Abalelwa ku 325amaqembu ezepolitiki azobe encintisana okhethweni
lwalonyaka.
Lolukhetho luyobe lungolwesikhombisa ukubanjwa selokhu lelizwe labuswa ngokwentando
yeningi no kusukela ngonyaka ka 1994, kanti lobe lungomhlaka 29 Meyi kukhethwa
abazomela amaqembu ezepolitiki ephalamende kanye nakuziShayamthetho zezifundazwe.
Ethula inkulumo yakhe ngesikhathi kusayindwa isivumelwano sokuziphatha , uSihlalo we
IEC uMnu Mosotho Moepya uthe ukwephulwa kwemigomo ebekiwe yokhethi kungenza
kube nongabazane uma sekukhishwa imiphuela yokhetho kuze kuholele wimpikiswano
kanye nokuthathelana izinyathelo zomthetho.
“Ngokugcina imigomo ebekiwe yokuziphatha. Amaqembu ezepolitiki ayobe esiza
ekuqinisekiseni ukuthi kwamukelwe imiphumela yokhetho njengefanele lokho okuyosiza
ukuthi kube khona uzinzo kwezepolitiki, kanye nenhlalakahle emphakathini.” kusho
uMoepya. SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *