Injabulo abezindaba beklonyeliswa koweMzansi Community Media & Creatives Awards

INTATHELI YE-KZN NAMUHLA

Bekukuhle kudelile ngesikhathi abezindaba zomphakathi abebevela emikhakheni eyahlukene ngesikhathi beklonyeliswa ngezindondo kanye nezitifiketi emcimbini we Mzansi Community Media & Creatives Awards 2024 obekungowokuqala ngqa nobubanjelwe eICC eThekwini ngoLwesihlanu lomhlaka 12 Ephreli.

Lomcimbi ubuhlelwe uNksz Zinhle Cebekhulu ongumnikazi wephephandaba Inkundla Yezindaba ezinze endaweni yase INK KwaMashu. Evula umcimbi uZinhle uveze ukuthi kumjabulisile ukubona iphupho lakhe lokuthi agcine ekwazile ukuhlonipha ozakwabo kwabezindaba ngeqhaza labo abalibambile ekubeni kungekho onakile ukubabonga kanye nokubakhuthaza.

“Ngifikelwa izinyembezi zenjabulo uma ngibona lomcimbi uba impumelelo emva kwesikhathi eside ngifisa ukuwenza, kuyangijabulisa kakhulu ukufeza iphupho lokuqhakambisa iphupho lozakwethu emkhakheni we Community Media.” kubeka uZinhle.

UZinhle utshele iphephandaba iKZN Namuhla ukuthi inhloso yoMzansi Community Media & Creatives ukukhuthaza abasemkhakheni wezindaba zomphakathi ngoba abanye babo baze baphelelwe ithemba bashiye ngoba kungalungi noma badlule emhlabeni bengenalutho.

Bonke abebeklonyeliswa bebekhombisa ukujabula okukhulu bebonga uZinhle ngokuqhakambisa umsebenzi wabo. Phakathi  kwabamukele imiklomelo kubalwa abahleli bamaphephandaba omphakathi, abemisakazo, izintatheli, kanye nabasemkhakheni wezokuBloger kanye nokushicilela online noma digital News.

Ephetha uZinhle uzwakalise ukubahalalisela bonke abaphumelele ukuthola imiklomelo kanti labo abangaphumelelanga unxuse ukuthi bangapheli amandla.Wabe eseveza nokuthi bangajabula ukuthola abaxhasi ngonyaka ozayo, waphinde  waveza ukuthi kuzoba nomcimbi wokwethula uMzansi Community Media & Creatives ka 2025 enyangeni kaSepthemba kuwo lonyaka.

Ephetha uZinhle uzwakalise ukubonga kwakhe kubo bonke abaxhasi bomcimbi okubalwa  kubona, uMasipala weTheku, Telkom, South African Association of Independent Publishers, TS Foundation Fashion Designers, Paul Kotini,  Allinit  Pty LTD, kanye nenkampani Umthala TV.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *