Lihlehliselwe icala lika Sizwe Ngema owabulala okade ethandana naye

ZUKISWA MTHANTI
USizwe Ngema, oyi- constable, owabulala ngesihluku okade ethandana naye uYolanda (Bianca)
Khumalo ubevele enkantolo yemantshi eThekwini namuhla. Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka 29
kuMbasa ngenxa yokuthi ubengakamtholi ummeli
uMpume Khuzwayo ongumama omdala ka Bianca uthe,”Njengoba icala lilibele lihlehla kuthina
esilahlekelwe akupholi futh akudluli. Konke loku kubuhlungu ngoba uBianca thina besimazi
njengengane ephansi ngokumoya. Kuyasixaka ukuth kuze kwafika lakhona lomfana ambulale, kodwa
Kuyacaca ukuth kuningi okade kwenzeka.Nomndeni wonfana akaze wakhuluma noma uxhumane
nathi kodwa futhi kungcono kube njalo ngoba phela yini ozoyisho, kuyabonakala nokuthi lomfana
umbulale ngehloso uBianca”.
Ngokusho komdeni wakwaKhuzwayo uthe kuyabonakala ukuth Sizwe ubemuhlukumeza u Bianca
Yize noma kade efihla engafuni ukuth abantu abadala bazi, kodwa ngalolosuku ezobulawa
wayesefonele umama omncane wakhe ethi kukhona azomutshena kona okubukeka angathi
kuyamhlupha.
Bathe abakufisa kakhulu ukuthi umthetho uthathe indawo yawo kulento eyenzekile.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *