Amawele ase Mgungundlovu aqophe umlando ethweswa iziqu zobudokotela

SHEILA MHLONGO

Amawele aseMgungundlovu endaweni yase Westgate,  aqophe umlando ethweswa iziqu zobudokotela, lezinsizwa ezimbili okungo Dktl. Ziphozonke kanye no Velenkosini Lamula zishiye umndeni wazo uchichima injabulo njengoba bebengabanye abathwese imiyezane yabo eNyuvesi yase UKZN ngomhlaka 6 Meyi.

Labodokotela abasebancane (25) babe ngezinye zezitshudeni ezibalelwa ku 8000 ezithweswe iziqu enyuvesi yaseUKZN, kanti bazwakalise ukujabula okukhulu ngempumelelo yabo emva kweminyaka eyisithupha yonke besebenza ngokuzikhandla bengalali ukuze ekugcineni bavune izithelo zempumelelo.Kanti kulonyaka  basebenza esibhedlela iNelson Mandela Academic Hospital eMthatha  lapho beqhuba khona internship yawo.

“Bekuyisikhathi esinzima kakhulu iminyaka eyisithupha yonke sisebenza ngokuzikhandla, kodwa nokho siyajabula ngoba iphupho lethu lifezekile.” Kusho amawele echichima injabulo.

Babalelwa kumaphesenti angu65.76% abesifazane abathweswe iziqu kanti abathweswe iziqu ngokwehlukana kwemikhakha ehlukene kubalwa: .  College of Agriculture, Engineering kanye neyeScience ezokwethweswa iziqu ezingu 1,096, kuthi iCollege of Health Sciences ibe nangu 1,060,  iCollege of Humanities 4,029, kuthi iCollege of Law and Management Studies ibe 1,610.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *