
ZUKISWA MTHANTI
Kubikwa ukuthi emva kwesikhathi esingangamahora amathathu umkhulu ehambile Uthole ucingo luphuma kumakhelwane emazisa ngokuthi indlu yakhe iyasha. uMandisa uveze ukuthi oshise indlu yamkhulu wakhe unkosikazi wakhe ashade naye ,ngenxa yokuthi ubengafuni umkhulu aye kobungaza usuku olukhulu lukamzukulu wakhe.
“Anginalo ulwazi oluningi ngokuthi ingxabano iqale kuphi kodwa engikwaziyo ukuthi umkhulu ubenesifiso sokuthi abekhona ngosuku ngithweswa iziqu, loko ekade ugogo engakuthandi. Uqhubekile umkhulu weza wazobungaza kanye nami ngenkathi ngithweswa iziqu, okube ilapho athole khona ucingo bemazisa ngokuthi indlu yakhe iyasha. Akangitshenanga ngaleso sikhathi ngoba ubengafuni kumoshakale usuku lwami, ungitshene umncimbi usuphelile.Sibe sesiphikelela khona safika ngempela kushile” kulandisa uMandisa.
UMandisa ube esecela kwinkundla zokuxhumana ukuba atholelwe umsebenzi noma onjani ukuze akwazi ukwakhela umuzi umkhulu wakhe. Uphine wacela noxhaso ebantwini ngakwezezimali ukuze asheshe avuse indlu kakhulu wakhe.

