
SHEILA MHLONGO
Bekugcwele kuchichima enkundleni iOrlando Stadium ngesikhathi lowo owabe enguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma osengumholi we MK Party ethula ngokusemthethweni imanifesto yeqembu ngeSonto lomhlaka 19 Meyi, eSoweto eGoli.
Ethula inkulumo yakhe uZuma uthe abantu abamnyama bangaqenda bona inhlupheko yabo lapha eNingizimu Afrika ngokuthi bahlangane babumbane bavotele UMkhonto Wesizwe Party ukuze ithole u2/3rd majority ngomhlaka 29 Meyi.
Eqhuba uZuma uthe zonke izinkinga zikhungethe kakhulu umuntu omnyama. “Uma kukhulunywa ngokweswela amathuba omsebenzi, umuntu omnyama, uma kukhulunywa ngokuhlala emkhukhwini, umuntu omnyama. Izindawo zomsebenzi zikude namakhaya lokhu okwenza ukuthi kumele ukhokhe imali eningi uya noma ubuya emsebenzini.”Kusho uZuma.
Phakathi kwezinye izinto akhulume kakhulu ngazo uZuma udaba lokuthi uma kwenzeka iqembu lakhe loMkhonto Wesizwe Party lidla umhlanganiso okhethweni luka 2024, bayoshintsha umqulu woMthethosisekelo njengoba bekholelwa ukuthi uvuna kakhulu abamhlophe futhi ngisho nemithetho yakuleli yenzelwe ukuqhubeka nokucindezela umuntu omnyama, ngaphezu kwalokhu imithetho esetshenziswa lapha ileyo eyadwetshwa emazweni aphesheya.
Khona manjalo iNkantolo yoMthethosisekelo ngoMsombuluko womhlaka 20 Meyi, 2024, ichithe uZuma ekutheni amele iqembu lakhe ePhalamende noma abe ilunga lePhalamende ngenxa yokuthi umthetho awuvumi ukuthi umuntu oke walahlwa icala noma lanhloboni, wagwetshwa izinyanga ezingu 15 akavunyelwe ukuthi angakwazi ukuba ilunga lePhalamende kuze kube kuphela iminyaka emihlanu. UZuma wagwetshwa ngenxa yokwedelela inkantolo emva kokuthi enqabe ukuyokwethula ubufakazi phambi kwekhomishani kaJaji Zondo eyabe imayelana nokubhozonyelwa kombuso abomndeni wakwaGupta.
Nakuba uZuma ubengekho ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesinqumo ebesikhishwa uJustice Leona Theron, kodwa uSihlalo weMK Party uMnu Sihle Ngubane, uthe khona badumele ngesinqumo , kodwa akukho okuzoshintsha bazoqhubeka bakhankasele ukhetho futhi noZuma uzoqhubeka abe umholi weMK Party aphinde kube uyena ozoba sephepheni lokuvota.

