Lubukeka lusekude ukhalo lombango wegama phakathi kwe ANC kanye noMkhonto Wesizwe Party

Impela lona lubukeka luselude ukhalo phakathi kweANC kanye noMkhonto Wesizwe Party njengoba udaba lwegama kanye nophawu loMkhonto lusalokhu luyindaba egudwini.Kanti noMnu Jabulani Khumalo akazibekile ufuna ukugudluza uZuma ekubeni umholi weqembu layo iMK Party.  Iqembu leANC nalo lisalokhu limile ekutheni igama uMkhonto Wesizwe ungowe ANC kanye nophawu lwawo.

Lombango oqhubekayo mayelana negama uphinde wavela enkulumweni kaMahlengi Bhengu ongumkhulumeli weqembu leANC kuzwelonke ngesikhathi ephawula mayelana nodaba lwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo  esethulwe uJustice Leona Theron , lapho ezwakalise ukuthi bona njenge ANC abanendaba nesinqumo senkantolo ngoba okwamanje basagxile kakhulu emkhankasweni wokuqinisekisa ukuthi iANC iwine ukhetho, waqhuba wathi indlela abasebenza ngayo bayakholwa ukuthi bazoluwina ukhetho.

Ephawula emva kwesinqumo senkantolo yoMthethosisekelo esimayelana nokuthi uZuma akakulungele ukuthi angaba umholi  omele iqembu loMkhonto ePhalamende,  uMahlengi Bhengu uthe bona bazoqhubeka nokulwela igama kanye nophawu loMkhonto Wesizwe ngoba bayakholelwa ekutheni liyifa leANC , wathi bazimisela ukuthi bahambe baze bafike enkantolo ephakeme kunazozonke ngaloludaba.

Ngakolunye uhlangothi noMnu Jabulani Khumalo naye akazibekile phansi njengoba efuna ukuthi abe IEC bakhiphe igama likaZuma ohlwini lwabamele iqembu le MK Party kumaphepha okuvota. Lokhu kuza emuva kokuthi uKhumalo okunguye owabhalisa iqembu leMK Party efake amaphepha enkantolo yokhetho efuna ukuthi abe IEC bakhiphe uzuma emaphepheni okuvota aphinde akhishwe ekubeni umholi weqembu.

Ukhumalo ufuna abe IEC bafake yena njengomholi weMK Party, encwadini ayibhalele abe IEC, nokuthi kukhishwe uZuma kodwa abe IEC bona baphendula ngokuthi abazingeni izindaba zangaphakathi emaqenjini, baphinda bakugcizelela ukuthi impela uZuma uyena obhaliswe njengomholi weqembu.

Manje akwaziwa mbhantshi kujiya ukuthi ingabe kokwenzakalani ngeqembu nabalandeli uma kungenzeka iqembu leANC ligcine linqobile esicelweni salo, ngakolunye uhlangothi naye uKhumalo uma kwenzeka egcina ephumelela esicelweni sakhe sokukhipha uZuma ukuthi kokwenzakalani ngaleliqembu elinogazi olungaka ebantwini bakuleli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *