
ZETHU PHOSWA
NAKUBA selidumela emasumpeni, amaqembu ezepolitiki kawapheli mandla ukugxoba isitembu sokugcina sokuheha abavoti ukuba babavotele, njengoba Inkatha Freedom Party (IFP), ibinombuthano ezinkundleni zemidlalo eKing Zwelithini, eMlazi, ngeSonto.
UMnu Thami Ntuli oqokelwe kwesokuba uNdunankulu we-IFP ubezoshayela isitembu sokugcina eThekwini, lapho ethembise abantu ukubakhela izindlu nokwenza amahostela okusezingeni eliphezulu okuzobuyisa isithunzi kumuntu omyama.
“Uma nisethemba nisinika ivoti lenu, sizoqinisekisa ukuhlanza iTheku eselinuka phu ukungcola nendle. Sizokwazi ukulibuyisela esimweni ukuze likwazi ukuheha abatshali zimali nabavakashi, ukuze kuthuthuke ezomnotho.
Sizokulwa nobugebengu osekuyinsakavukela, siqinise ezokuphepha, Sizoqinisekisa ukuthi sidala amathuba emisebenzi kuwo wonke umuntu nabangaphezulu kweminyaka eyi-35,” kubeka uMnuz Ntuli uthi sekuyisikhathi sokuthi abavoti bakhulume ngevoti labo, ukuze kuzokubuyiselwa konke okudliwe yisikhonyana, kulesi sifundazwe.
“Sekuyisikhathi sokuthi kuliwe nenkohlakalo, kuvikelwe abantu bakulesi sifundazwe kogombela kwesabo, nakubantu abanamanga nje kuphela, ” esho kanje.

