
Sizwe sakithi sanbonani ngiyabingelela . Bantu bakithi sesibheke okhethweni lukazwelonke lohulumeni kwezepolitiki ngithi nje anginikhuthaze ngalokhu , kuhle ukuzikhethela iqembu lakho ulethembe ukuthi uma lingathola ithuba lokuphatha isimo sezwe singashintsha kukhanye nakweyakho impilo. Uma usunalo lelothemba qaphela ukuvilapha ukuyovota ngoba iqembu lakho selingalahlekelwa yithuba lokunqoba ngevoti elilodwa , yingakho kubalulekile ukuthi sivoteni sonke .
Asigwemeni ukuzondana ngenxa yokulandela amaqembu ahlukile ngoba umuntu nomuntu unelungelo lokulandela iqembu elithandwe yinhliziyo yakhe kepha makungabi ngamathuba okuzondana nokubulalana ngoba singabantu sisazodingana ngemuva kokhetho .
Kuyenzeka sivotele amaqembu ahlukile singumndeni ophume ekhaya elilodwa akuyona inkinga ngoba yiloyo naloyo uyazikhethela akufunayo. kodwa makungahlukanisi imindeni futhi masingaxatshaniswa yipolitiki . Masambeni siyovota ngothando nobumbano ngoba sonke ekugcineni sifuna izwe lethu libe nentuthuko .
Obhalayo uMfundisi Katlego Nare

