INHLANGANO ENGENZI NZUZO YABEFUNDISI I NEWCASTLE RELIGIOUS COUNCIL INXENXA AMALUNGA EZEPOLITIKI UKUBA AZIPHATHE KAHLE NJENGOBA KUBHEKWE KUMHLAKA 29 MAY 2024.

Umholi wenhlangano Unxenxa wonke amalunga omphakathi ukuthi kunxuswe kunkulunkulu ukuba ukhetho lalonyaka lube luhle futhi lungaphazamiseki nhlobo.

Ube esenxenxa amaphoyisa kanye nabaholi bonke bezinhlangano ezahlukene ukuba beqaphe isimo iningizimu Africa yonkana ekuthenini kungabibikho udlame olukhona.

Siya cela ukuba siziphathe kahle sonke siyizinhlangano ezahlukene ukuze ukhethe lwethu lwase South Africa luhambe kahle futhi lube enkulu intokozo.

Amabandla abefundisi bonkana sicela Babophe ibhade bahlale emthandazweni sukela namuhla kuya kusasa ukuze uNkulunkulu ezoba nathi e South Africa.

Mfu Rev Vusumuzi Kunene  founder of Newcastle Religious Council and a President of Changemakers Stakeholders Parliament SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *