VOTA LAPHO UBHALISELE KHONA

SHEILA MHLONGO

UMyalezo  okhishwe abakwa IEC, okhuthaza umphakathi wakuleli ukuthi njengoba kuza ukhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe  kumele uvote lapho ubhalisele khona ukuvota.

Izakhamizi zakuleli ezibalelwa kuma millions kulindeleke ukuthi zivote okhethweni okungolwesikhombisa selokhu kwabakhona inkululeko kusukela gonyaka ka 1994.

Lolukhetho lukazwelonke kanye nolwezifundazwe oluqala namuhla ngoSombuluko nangoLwesithathu  (27-28 May) lwamavoti akhethekile phecelezi Special votes, luyobe selulandelwa oluzobe lungoLwesithathu lomhlaka 29 May kusukela ekuseni ngehora lesishagalolunye (9:00) kuya kwihora lesihlanu (5:00) ntambama.

Ikhomishana ye IEC ikhiphe isitatimende lapho ikhumbuza khona ukuthi abantu bakuleli kumele bavote lapho babhalisela ukuthi bayovota khona.

Usuku lokuvota lwangomhlaka 29 May kuyobe luyiholidi elisemthethweni.

“Sifisa ukukhumbuza umphakathi ukuthi nakanjani uye kovota lapho wabhalisela khona . Abantu abayovunyelwa ukuvota ngaphandle kwalapho bebhalise khona ilaba abaphumelela ukufaka isicelo sevoti eliyisipesheli phakathi komhlaka 15 March- 17 May 2024 . Abathole imvume kwikhomishana  yokuthi bacela ukuvota ngaphandle kwesifunda sabo ngoba beyobe bengekho kusona ngosuku lokuvota.” Kusho isitatimende.

Abantu abavota kwisifundazwe sabo bayothola amaphepha amathathu okuvota (3 Ballot papers)  okungelikazwelonke, elesifunda, kanye nelesifundazwe, kodwa uma abantu bevota ngaphandle kwesifundazwe sabo bayothola iphepha likazwelonke kuphela.

Ukuvota ngosuku lokhetho ngoLwesithathu lomhlaka 29 May kuyoqala ekuseni ngehora lesikhombisa (7:00) kuze kube ihora lesishagalolunye ebusuku (9 pm) Bonke abavoti bayosizwa akekho oyobuyiselwa emuva oyobe esemgqeni wokuvota.

IKhomishana ye IEC inxusa bonke abantu ukuthi baqaphele ukuthi babhalise kuphi futhi bafike nomazisi babo (identity documents) uma beya ezikhungweni zokuvota.

Ngaphambi kosuku lokhetho abavoti bangakwazi ukubheka isikhungo lapho bebhalise khona , besebenzisa lendlela

  • Vakashela :www. Elections.org.za/pw/Voter/Voter Informatio
  • SMSing kunombolo :32810 ufake inombolo ye-ID yakho
  • Ushaye ucingo: 0800 11 8000
  • WhatsApp ‘Hi” kulenombolo 0600 88 0000

Ikhomishana ikhuthaza bonke abavoti ababalelwa ku 27,7 million ukuthi  baphume ngobuningi babo ukuyovota  njengoba iNingizimu Afrika iqeda iminyaka engu 30 yabuswa ngokwentando yeningi. Khumbula ukuvota kuyilugelo lakho.SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *