Kuklonyeliswe intsha  yaKwaNzimakwe ngezitezifiketi iphothula uqeqesho

SHEILA MHLONGO

Intsha yaKwaNzimakwe ePort Edward,ebalelwa ku 26, iklonyeliswe ngezitifiketi emva kokuphothula uqeqesho obeluxhaswe abe-SANRAL.

Lokhu kuza emuva kokuthi abe SANRAL ngokubambisana nenkampani yenkontileka iSMART Civil and PT System iqhube uhlelo lokuthuthukisa intsha yakulendawo ngolwazi nangamakhono ikanye nezinye izinkampani  okube yi Mzansi Security & Training, Asabed IT Solutions eqeqeshe kwezecomputer, kwathi enye intsha yenza izifundo zokushayela kanye ne learners ngaphansi kwe Mfana Omuhle Trading.

Loluhlelo beluhambisana nokulungiswa kabusha kwebhuloho uMthavuma.Kanti  belumayelana nokuthuthukiswa komphakathi wakhelwa kabusha ibhuloho elisemngceleni weKwaZulu-Natali kanye Eastern Cape.

Ekhuluma emcimbini wokuklonyeliswa kwentsha uAyanda Jula oyi project engineer, uthe, “Ithemba lihlale likhona. Nami ngaqala ngisebenza njengesitshudeni kodwa kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngagcina sengiqashwa ngokugcwele. Ngakho nani zitshudeni ngiyanikhuthaza ukuthi nihlale nizithuthukisa ngolwazi nangamakhono, nithathe wonke amathuba eniwanikwayo.”

USbonelo Shusha oyilunga le Project Liaison Committee, naye ugcizelele ngokuthi kuhle ukuhlale uzimisele ukubamba wonke amathuba aqhamukayo, wathi. “Njengoba abanye benu befunde bagogoda emanyuvesi kodwa ngenxa yokwesweleka kwamathuba omsebenzi balapha futhi, anizange nilibukele phansi ithuba elifana naleli. Siyanibonga ngokuthatha lelithuba ngoba angeke nazi  mhlampe lelithuba iwona khiye wokuvula eminye iminyango.”esho 

Ophume phambili kuqeqesho lweComputer, uAsanda Nzimakwe,uphawule wathi. “Ngisebenza ngokuzimisela kuyo yonke into engiyenzayo, ngenza isiqiniseko sokuthi angiwamoshi amathuba engiwanikwayo ngoba ngifuna ikusasa elingcono, ngifisa ukuthola umsebenzi ukuze ngikwazi ukunakekela umndeni wami, okungakho ngizimisela.” esho.

Abe SANRAL bezwakalise ukuthi bayaziqhenya ngalentsha bathi bayifisela impumelelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *