UCELL C USEQINISEKISE UKUKHIPHA ISAMBA SIKA R1MILLION KWI COMRADES MARATHON EZOGIJINYWA NGESONTO

NOMTHANDAZO MAGOSO

UCell C  kwi Comrades Marathon ezogijinywa ngesonto mhlaka 9 June 2024 iqinisekisa  ukuthi izokhipha isamba semali engu-R1 million wokuklomelisa owesilisa nowesifazane. Abazophuma phambili ngokugijima ngesivinini esisheshayo esake sarekhodwa, sokugqugquzela ukwephulwa kwesikhathi esishesha kakhulu (kungakhathaleki ibanga lomjaho elikhaviwe), i-Cell C izoklomelisa abasubathi abazuza ukusebenza okungcono kakhulu okuhlobene nejubane okwake kwarekhodwa phambilini

Njengamanje, osane rekhodi kwabanesivinini esishesha kakhulu esagijinyiswa ngumuntu wesilisa owinile ku-Up Run elika-Vladimir Kotov, alenza  ngo-2000 lapho ibanga lomjaho lalingu-87,3km. Ijubane elikesivinini elishesha kakhulu elagijinywa owesifazane ophumelele ku-Up Run ngelikaGerda Steyn, elenza ngo-2019 lapho ibanga lomjaho lalingu-86,3km

USihlalo we- Comrades Marathon Association (CMA), uMqondisi Ngcobo uthe, “Lesi sikhuthazo siwufanele umjaho ofana neComrades Marathon, uma kubhekwa ibanga lomjaho elilokhu lishintsha njalo. Inhloso yalokhu kuhlonishwa wukukhuthaza ukusebenza okuthuthukisiwe kwabesilisa nabesifazane bethu ngokugqugquzela ukugijima benze izikhathi ezinhle ezincomekayo.”

UNgcobo unenezele,ngo R500,000  ngenxa yoxhaso lakwaCell C futhi kuzothathwa yonke imali engu R-Million  ezokhishwa inikwe umgijimi ngokuphula isikhathi esihle. Sibonga kakhulu kule nkampani kamakhalekhukhwini ehamba phambili ngokuhlanganyela nathi ekubekeni abajimi Phambili futhi sibungaze abadlali bethu abavelele emqhudelwaneni wama-49 walo nyaka.”

Leonid Shvetsov ngumgijimi wesilisa  owanqoba njengoba ibheke emngungundlovu kwiComrades Marathon ka-2008 nge rekhodi -05:24:29.kanti kwabesifazane liphethwe

 uGerda Steyn kuComrades Marathon ka-2019, nge rekhodi lika ’05:58:53

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *