UMasipala weTheku ukhuthaza abazali ukuthi bagcine izingane ziphephile

Uphiko lukaMasipala iSafer Cities, ngokubambisana neCommunity Participation and Action Support Unit namaphoyisa eSouth African Police Services, banxuse umphakathi waseMlazi ukuba ugcine izingane ziphephile. Leli khwelo lihlatshwe ngesikhathi kunomkhankaso wokuqwashisa ngokuphepha kwezingane obubanjelwe eMega City njengengxenye yemigubho yeNational Child Protection Week eba njalo ngonyaka kusukela ngomhla ka-30 Meyi kuya ku-6 Juni. Lolu hlelo luholwa wuMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi osebenzisana neminyango kahulumeni nezinhlangano ezahlukene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *