ObeyiMeya yeTheku ujutshelwe kwi-National Council of Provinces

SHEILA MHLONGO

Ubuholi obuphezulu be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natali sebujube obeyiMeya kuMasipala weTheku, uMnu Mxolisi Kaunda ukuba ayoba ingxenye ye National Council of Provinces( NCOP).UKaunda ugcina namuhla ngoLwesihlanu lomhlaka 14 Juni 2024.

“Siyi-African National Congress sifisa ukumemezela ukuthi sithathe isinqumo sokujuba kabusha uCde Mxolisi Kaunda ukuthi ayosimela  kwi National Council of Provinces.” kusho isitatimende se ANC.

Siqhuba isitatimende sithi, uKaunda uke waba uNgqongqoshe wezokuThutha kanye nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natali, kwaze kwaba ujutshelwa esikhundleni sokuba yiMeya yeTheku ngo-Agasti 2019.

“Emva kokhetho lukazwelonke kanye nelezifundazwe, sibone ezinye izingxenye ezidinga ukuqashelwa,siyakholelwa kakhulu ukuthi, uCde. Mxolisi Kaunda  uyena ongakwazi ukudlala indima enkulu kwi NCOP ngenxa yesipiliyoni sakhe.” kuqhuba isitatimende.

Siqhuba isitatimende sithi, “Sifisa ukwedlulisa ukubonga kwethu ku-Kaunda ngokusebenza kwakhe ngokuzikhandla esikhathini lapho izwe lalikhungethwe izigameko ezinzima okubalwa ubhubhane lweCovid-19,izikhukhula kanye nezinye izinkinga. Sibonga nokuzikhandla kwakhe esebenzela abantu baseThekwini.”

Ubuholi be ANC bukhuthaze abaholi bamaqembu ehlukene ezepolitiki ukuthi aqhubeke nokudlala indima yokuqapha ukusebenza kukaMasipala weTheku ukuze kuphuthunyiswe ukulethwa kwezidingo kubantu.

“Ngokubona kwethu siyiqembu le ANC, sikholelwa ukuthi ipolitiki yangempela isho ukusebenzisana phakathi kwawo wonke amaqembu epolitiki ukuze kufezwe izidingo zabantu.” kusho ubuholi be ANC, obeleke ngokuthi ngokubambisana kumele kwenziwe isiqiniseko sokuthi lolushintsho luthela izithelo ezinhle ikakhulukazi kuzozonke izakhamizi ezakhele  idolobha leTheku.

Isitatimende siphethe ngokuthi, ubuholi be ANC buzomemezela maduze igama lalowo ozothatha isikhundla sikaKaunda kodwa uma sekuxoxiswene nezinhlaka ezifanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *