Abafundi bezikole zaseThekwini bathole ithuba lokuncintisana kowe 34th SAICE Bridge-Building Competition

 SHEILA MHLONGO

Inhlangano ye-South African National Roads Agency (SANRAL) ibihlele umncintiswano wokwakha ibhuloho owaziwa ngokuthi 34th SAICE Bridge-Building Competition. Lomncintiswano obuyingxenye yombungazo we Nelson Mandela Day ubuxhaswe abe SANRAL.Kanti ububanjelwe eDurban High School ngoLwesine lomhlaka 18 Julayi 2024.

Zibalelwa ku 13 izikole ebeziyingxenye yalomncintiswano, oyingxenye yohlelo oluhambisana nezezikole futhi ohlanganiswe ne Cariculum yezikole.

IDurban High School iyona edle umhlanganiso kulomncintiswano wokwakha ibhuloho elenziwe ngokhuni lahlanganiswa neglue, nosekuyihlandla lesibili.  

IFairvale High School kanye ne Northmead Secondary School ingene isibili nesithathu iminyaka emibili ilandelana.

Ngaphezu kwalokhu  iNorthmead Secondary School yona iklonyeliswe ngeProfessor Leveritt Innovation Award. Abawine kulomncintiswano we SAICE bazophinde bancintisane ezingeni likazwelonke, lapho bezobe bebanga isicoco sokuthi bathole umklomelo weShield kanye nemali engu kheshi eyotholwa abafundi kanye nesikole emncintiswaneni kazwelonke oyobe ungomhlaka 23 Agasti  2024.

Omunye umncintiswano uhlanganisa iDurban Girls High School, Al Falaah College, St Henry’s Marist College, Umlazi Commercial High School, Centenary Secondary, Maris Stella School, Sastri College, Our Lady of Fatima School, Ganges Secondary School kanye ne  Hillview Secondary School.

“Ukusebenzisana phakathi kweSANRAL kanye ne SAICE kuqale eminyakeni emithathu eyedlule ngenxa yokuba nothando lokufuna ukunikeza abafundi ithuba lokuqeqesheka kwezobunjiniyela, kanti lokhu kubanikeza ukuzethemba ukuze bakwazi ukuqhubeka  nezifundo zobunjiniyela kuphinde kubenze bathole ulwazi oludingekayo kulomkhakha wobunjiniyela.” Kusho uNomcebo Cebekhulu oyi SANRAL Eastern Cape Regional Marketing and Communications Coordinator.

USam Pillay onguSihlalo we SAICE Durban, ubonge bonke abaxhasi be Bridge Building Competition abakwenza minyaka yonke waphinde wafisela inhlanhla bonke abafundi impumelelo  emncintiswaneni wokugcina kazwelonke.

Inhlngano ye-SANRAL usihlele ukuvakashisa izikole ezintathu eziphume phambili ukuthi ziyozibonela eminye yemisebenzi eyenziwa ku N2/N3, ngaphambi kokuthi kube nomncintiswano wokugcina ukuze bathole ulwazi mayelana nemithetho yokwakha ibhuloho kanye nangomkhakha we civil engineering.

Isikole iSeatides Secondary School,esingesinye esikhahlanyezwe kakhulu izikhukhula ezenzeke eTongaat ngomhlaka 3 Juni sibe esinye sezimenywa eziqavile. Kanti uMs Yeshvira Brijal, oyi Head of the Department kuphiko lwe   Math ne Science kuso isikole uchaze wathi, “ izikhukhula zibe nomthelela ongemuhle emphakathini nakubafundi.”

“Lesimo senzeke emva nje kwezinsuku ezintathu sikade sithenge impahla ye science ne computer laboratories. Lokhu kwaba buhlungu kabi kubafundi bethu ngoba babeqala ukuthola izinsiza ezifana nalezi emva kweminyaka eminingi. Iningi labafundi namanje alikakwazi ukubhala ukuhlolwa lwethemu yesibili ngenxa nje yokulimala kanzima kwesikole kanye  nengqalasizinda.” Esho.

USAICE kanye nezinye izinhlaka obambisene nazo ngokuhlanganyela banikele ngesamba sika R11,000 esikoleni  iSeatides Combined School ukuze sithole ukusizakala okuphuthumayo, ikakhulukazi lokho okumayelana nezifundo ezibalulekile. ISeatides iphinde yathola umklomelo wokuyikhuthaza kulesikhathi esinzima ebhekene naso. Lesikole  sifisa ukuthola usizo lokulungisa lenkinga esibhekene naso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *